Home
Login
Login to access online journals
Kubalulekile ukugubha usuku lwamalungelo esintu PDF  | Print |  E-mail
Eminyakeni engamashumi amane nesikhombisa edlule ngomhlaka 21 March 1960, amaphoyisa kahulumeni wobandlululo abulala abantu abangamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye 69 kwalimala inqwaba embhikishweni wokuthul ababewubambile bephikisana nokuphathwa kwamapasi kanye nemithetho yobandlululo ezweni.  Ukukhunjulwa kwalesibhicongo sase Sharpville kwabesekuduma ngegama elithi Sharpville Day.  Lolusuku manje selubizw angele Human Rights Day, usuku lapho iNingizimu Africa bekumele ngabe ibheka kabanzi idingide ezithinta amalungelo esintu.
 
Abenhlangano FXI babhikisha ngaphandle kwamahhovisi akwa SABC PDF  | Print |  E-mail
Abenhlangano iFreedom of Expression Institute (FXI) babambe umbhikisho naphandle kwamahhovisi akwa South African Broadcasting Corporation (SABC) eJohannesburg befuna impendulo ngesikhalo abasenza ngo November 2006 bekhala ngokungabhekelwa kwezindaba ezithinta imiphakathi ehlukahlukene yakuleliLenhlangnao ikhala ngokuti iziko lakwa SABC libonakala lingasawenzi umsebenzi walo wokubika ngokwenzeka emphakathini izindaba ezithinta umphakathi kodwa sebephenduka ingxenye kahulumeni.
 
Ukuhlukunyezwa kwamalungelo esintu kwandisa ingculazi PDF  | Print |  E-mail
Selokhu latholakala igciwane lengculazi eminyakeni yawo 1980s, leligciwane nesifo se AIDS sekuthathe izimpilo zabantu abangu 22-million lives. Ngonyaka ka  2006, balinganiselwa ku 5 million abantu abangenwe yileligciwane kwathi abangu 3 million bashona.  Kodwa ke abe Human Rights Watch (HRW) kanye nezinye izinhlangano ziyakuphika lokhu.  Lenhlangano ibala ukuthi amazwe aphumelele ukunqanda ukubhebhetheka kwalesifo yilawo asebenzisa uhlelo olusabalele lokulwisana naso.
 
Iningizimu Africa ayenzikahle ekuhlonipheni abesimame PDF  | Print |  E-mail
INingizimu Afica ibonakala yehlulekile ukuvikela abesimame odlameni nokuhlukunyezwa.  Kubonakala sengathi kumele yenze ngcono nasekuphakamiseni ezokulingana ngokobulili.  Abe Sonke Gender Justice Network bathi iningizimu Africa ichazwe kanjena embikweni wabe United Nations Commission on the Status of Women obuse York.  
 
I-Khomishane yamalungelo esintu kwelase Ningizimu Afrika PDF  | Print |  E-mail
Ikhomishane yamalungelo esintu kwelase Ningizimu Africa iyinhlangano kazwelonke eyasungulelwa ukuqinisekisa ukusebenza komthethosisekelo wentando yeningi.  Lekhomisane ibhekele ukuphakanyiswa kokuhloniphana, bese ivikela futhi iqaphe ukuhlonishwa kwamalungelo esintu kubona bonke abantu abasezweni.  Ngokusebenza ngaphansi komthethosisekelo wezwe kumele ikhomishane yamalungelo esintu iqikelele ukuqwashiswa komphakathi ngamalungelo esintu eNingizimu Africa.  Kumele yenze iziphakamizo kuhulumeni zokuthi kwenziwe ngcono imigudu esetshenziswayo ukuhlonipha amalunelo esintu.
 
<< Start < Prev 1 2 Next > End >>

Results 1 - 9 of 10