Home
Login
Login to access online journals
Ukufisa ukuba ngumama ozihlalela ekhaya PDF  | Print |  E-mail
Sekuyinyanga yesine uRebecca Radebe ebuyele emsebenzini, uthi ngokwakhe ngabe usazihlalele nendodakazi yakhe esinezinyanga ezinhlanu izelwe.  URadebe ungumsizi wasebhange uthi usebenza ngoba efuna amasenti okuziphilisa ngale kwaloko ngabe usazihlalele nendodakazi yakhe encane.  Ungomunye kwabesimame abaphoqelekile ukuthi basebenze nakuba benabantwana abasebancane.


Emandulo abesimame babehlala emakhaya babhekane nokukhulisa izingane kube ngamadoda kuphela asebenzayo.  Ngokwabe Human Sciences Research Council kanye nocwaningo lwabenhlangano yezizwe I United Nations Fund for Development of Women, ukungena kwabesimame embonini yezabasebenzi kuyinto yakamuva nje.  Ngokusungulwa komthetho obizwa ngele Employment Equity Act 1998, uhulumeni walapha eSouth African uzama ukuqondisaalungise udaba lokulingana emsebenzini olwaludalwe nguhulumeni wengcindezelo. Uhulumeni uqeda ukucwaswa kwabantu ngenxa yebala, ubulili kumbe ukukhubazeka. 

Lokhu kuphoqelela bonke abaqashi ekutheni baqinisekise ukulingana ngokebala ezindaweni zokusebenzela.  Kodwa ke osekuthanda ukwanda manje ngabesimame abesula emsebenzini ngoba befuna ukuchitha isikhathi esiningi nezingane zabo ezizelwe.  Umbuzo okhona ngowokuthi ngabe lolukhondolo lapha eNingizimu Africa luzukudala monakalo yini kubazali nezingane zabo.
Isazi kweziphathelene nomqondo u Corlene Olivier uthi iminyaka emibili yokuzalwa komtwana iyona emqoka empilweni yakhe. 

Uthi kubalulekile ukuthi umama abeseduze komtwana wakhe ngalesosikhathi.  Nakuba ekuvuma ukuthi ngumama ekumele azithathele isinqumo ngalokhu kodwa uthi kubangcono ukuti ingane ifundiswe ngumzali wayo kunokucathuliswa ifundiswe ngumqaphi wayo ongayizali. Uthando lomzali lwenza kubelula nokuthi umtwana asheshe ukubamba akufundiswayo. 

Kodwa ke kubazali abasebenzayo ukhuthaza ukuthi bahambise izingan ezinkuisa ezinabaqaphi abawuqeqeshelwe umsebenzi.  Kwesinye sezeluleko zakhe kwabe www.bluesuitmom.com, uphakamisa ukuthi abesimame abasebenzayo kumele bazinike ithuba lokuxhumana bahlale nezingane zabo. Nakuba uHadebe enomqaphi ombhekela umtwana wakhe kodwa uthi uzizwa elahlwa yicala ngokungabikhona azibonele umtwana wakhe ekhula usuku nosuku. 

Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.