|
Ukuqinisekisa impumelelo ekubeni ngumama osebenzayo |
PDF
|
| Print |
|
E-mail
|
|
Umsebnzi kanye nezingane yizinto ezimqoka empilweni kamama. Njengoba umphakathi ulindela ukuti owesimame azale abantwana, lezingane ziphinde zilethe izinselelo ezehlukene empilweni yowesimame osebenzayo. Ngakho iningi labesimame lize lithathe izinsuku ezithile liphumule uma kusanda kuzalwa umtwana wokuqala. Lokhu basuke bekwenza ngomqondo wokuthi umthwalo ubalula uma ezobhekana nomtwana kuphela amise umsebenzi okwesikhashana.
Okumangazayo ukuti iningi lithi kujika kufane ungabikho umehluko.
UBongiwe Ndlovu, oneminyaka engamashumi amathathu nesihyagalombili
uyazisebenza. Uthi empilweni yakhe ubehleli enesikhala ezwa ukuthi
kukhona okusasilele. Uthi empilweni yowesimame umsebenzi kanye
nabantwana kumqoka cishe ngokulinganayo. Utusa ukusebenzela ekhaya
ngokuthi kumenza awenzisise umsebenzi wakhe uma nabantwana bakhe
beseduze.
Undlovu ubala ukuthi yena uyinzalo yesizukulwane esasingakholelwa ekutheni owesimame angakwazi ukuba ngumma omuhle aphinde asebenze futi. Uthi lenkolelo ayisilona iqiniso kuncika kumuntu ngamunye ekutheni uzihlela kanjani. Ubala ukuti naye wake wabanovalo ngemva kokuzalwa kwendodakazi yakhe.
UNdlovu utusa ukuzisebenza nokuthi kumenza abenesikhathi esenele sokwenza akudingayo. Uthi kusemahlombe abesimame ukuguqula imiqondo baqede nezinkoleloze zokuthi owesimame akakwazi ukukhulisa abantwana aphinde asebenze.
Akushoyo kwesekwa nangu Lindie Engelbrecht, 31, ungowesimame wokuqala ukuthola ithuba lokusebenza ayingxenye yabaphathi benkampani I KPMG. Ubala ukuti ukuba ngumama kumenza abengumsebenzi onomqondo ohluzekile. Uthi yena ukwazi ukubhekana nemisebenzi ehlukene ngesikhathi esisodwa. Ubala ukuti nakumakhasimende abo ukuba ngumama kumenza akwazi ukungena ezicathulweni zosuke elethe ininga yakhe kubona. U-Engelbrecht nguyena ohola uphiko lwabesimame kwa KPMG Network of Women (Know). Uthi umsebenzi awukuphazamisi ukuba ngumama ekhaya kubantwana bakhe. Uthi asikho isikhathi asithanda njengesokuhlangana nabantwana bakhe. Uthi ekhaya usebenza kancono kunasehhovisi ngoba kusuke sekukhona nabantwana bakhe.
Ubala izinsuku zokuqala kwindodana yakhe njengezazinzima kakhulu . Uthi hleze izinto zazingangcono ukube kwakunenkulisa yabantwana emsebenzini. Uthi inkulisa emagcekeni ezindawo wokusebenzela kungaba umqondo okuhle ngoba nomama angasebenza enokuthula emphefumlweni uma azi ukuti umtwana wakhe akakude kangako nalapho ekhona.
Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.
|