Home
Login
Login to access online journals
Ukubuyela kumbe ungabuyeli emsebenzini ngumbuzo obalulekile kuwena PDF  | Print |  E-mail
Ukuba ngumama kuza nezinguquko ezithile empilweni yoesimame.  Kwabanye kubiza nokuthi bashintshe imisebenzi abayenzayo.  Kodwa ke leso akusona isinqumo ekumele sithathwe kalula.  Abesimama bavama ukuba nemicabango eminingi, kodwa kuhle ukulinda umtwana aze azalwe kuthi ukuhamba isikhathi ngaphambi kokuthatha izinqumo ezimqoka. Uma ke owesimame athatha isinqumo sokuyeka umsebenzi kuhle nalokho ukuti abeke impilo yomtwana wakhe phambili.  Kubalulekile nokuthi owesimame asidinide nesoka kumbe umyeni wakhe lesinqumo ngaphambi kokusithatha.

Ubheke kusukela odabeni lweholo ekutheni senizophila ngeholo loyedwa, nize nifinyelele ekuxoxisaneni ngokukhulisa kwenu umtwana.  Uma ungumama osebenzayo kumqoka ukuzibekela izinsuku ezithile uzichithe notwana wakho ngale kokuphazamiseka. 

Nguwena ozazi kancono ekutheni ufunani empilweni,   Gxila kakhulu kulokhu okuzokwakha nawe ube numuntu ongono.  Wenze isiqinisekiso sokuti uma sewukhathele ukuhlala ekhaya uzokwazi ukubuyela emsebenzini wakho futhi.  Uma kunesikhala esivalwa ngumsebenzi empilweni yakho yenza lokho okusenhlizweni yakho ungavumeli abanye abantu bakuthathele izinqumo ngempilo yakho.

Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.