|
Ukukhulelwa, ukubangumama kanye nomsebenzi |
PDF
|
| Print |
|
E-mail
|
|
Ungalindeli ukuba nomfutho kanye namandla kusona sonke isikhathi sakho sokukhulelwa. Izinyanga ezintathu zokuqala yizona ezivama ukubanzima kwabesimame abazithwele. Ngalesikhathi uba nokukhathala okukhulu bese kuthi kwezilandela lapho kuye ngokuncipha ukukhathala njengoba nezinyanga zokugcina zisuke ziza nokwazo. Ngalesikhathi usuke unasakwazi nokulala kahle amahora ejwayelekile ebusuku.
Okubalulekile ukuthi uzinikeze isikhathi esenele sokuphumule. Uvumele umzimba wakho ekutheni wamukele lezinguquko ezisuke zenzeka kuwona. Ungasebenzi ngokweqile. Iningi lomama abasha bathatha izinsukwana zokuphumula umtwana engakazalwa ukuzilungiselela umsebenzi abasuke bezobhekana nawo. Inkinga kuba ukuthi akuzona zonke izingane ezizalwa ngesikhathi ekusukekuqagelwe ukuthi zizofika ngaso. Uma esezelwe umtwana kushintsha nendlela osuke ukade usebenza ngayo ngaphambilini.
Umama uphoqeleka ukuthi abe nesikhathi esiqondile sokubuya ekhaya. Akumele futhi wenze iphutha lokubuya nomsebenzi uthi uzowenzela ekhaya ngoba usuke usunomsehenzi okuhlalele. Uma uhlela ukuqhubeka nokuncelisa umtwana ibele kumele uthenge nezifuto zamabele ukuqinisekisa ukuthi umtwana uthola ubisi olwenele. Nasehovisini lakhe ungazenzela ikhosombana nokukhiph ubisi ngezikhathi ezithile. Ukusebenzela ekhaya kubangcono kakhulu ngoba uthola ithuba elenele lokuhlala nomtwana wakho. Kodwa noma kunjalo kunezinto ekumele uziqaphele.
Kunzima ukusebenza ubheke umthwana. Kumele uzitholele indawo engenawo umsindo lapho uzosebenzela khona. Kumele uzame nokuti kungabi indawo esemehlweni omtwana ngoba uzokuphazamisa emsebenzini wakho. Kubalula uma uthola nomsizi obheka umtwana ngesikhathi usematasa nomsebenzi.
Sibonga abakwa : www.health 24.com
Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.
|
|