|
Obaba sebeyingxenye yezimpilo zezingane zabo |
PDF
|
| Print |
|
E-mail
|
|
Naphezu kwemisebenzi yanamuhla edla isikhathi, uSfiso Majola ongungoti kwezobuciko uthi umndeni wakhe yiwonaphambili empilweni yakhe. Uma engekho emsebenzini uyapheka abheke nomtwana wakhe uNkanyezi onezinyanga eziyishumi. Zonke izinsuku ekuseni uS’fiso nonkosikazi wakhe bayashintshana ngokugeza bafunze uNkanyezi bese bemshiya enkulisa. Naphakathi nesonto wenza isikhathi esenele sokuhlala nendodana yakeh uNkanyezi.
Ukubamba iqhaza kukaS’fiso ekukhuliseni umtwana wakhe kutshengisa ukhondolo oselulandelwa ngobaba banamuhla ezinganeni zabo. Ngokusho kukaMichael Lamb solwazi wenyuvesi yase Cambridge ocwaningweni abalwenze nobaba ekukhulisweni kwabantwana, kuvela ukuti uthando lukababa ekukhuliseni umtwana kwenza basondelane nangokomoya nomtwana wakhe asuke emkhulisa. Upakamisa nokuti lokhu hleze kulethe nezinguquko ngomqondo osukhona ngobaba ekutheni bahlukumeza abantwana babo.
Loluguquko ekwenzeni kobaba uma kukhuliswa abantwana lubonakala cishe emhlabeni wonke jikelele. Kubalwa ukuthi luqale ikakhulukazi ngesikhathi abesimame bebonakala banda ezindaweni zokusebenzela. Esikhathini esiphakathi kuka 1948 ukuya ku 2001,cishe bese siphindeke kabili isibalo sabesimame abasebenzao.; sisuka ku 33 percent siya ku 60 percent ngokusho kwabe Employment Policy Foundation's Center for Work and Family Balance.
Lokhu kwenze obaba abafana noS’fiso ukuthi bavuke bazithathe nabo bangene kulendima ebisithatwa njengeyabesimame. ULamb ubala nokuti obaba bakudala bebeze basondele enganeni ngoba isikhulile isibonakalisa ukubandala.
Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.
|