Home
Login
Login to access online journals
I-Khomishane yamalungelo esintu kwelase Ningizimu Afrika PDF  | Print |  E-mail
Ikhomishane yamalungelo esintu kwelase Ningizimu Africa iyinhlangano kazwelonke eyasungulelwa ukuqinisekisa ukusebenza komthethosisekelo wentando yeningi.  Lekhomisane ibhekele ukuphakanyiswa kokuhloniphana, bese ivikela futhi iqaphe ukuhlonishwa kwamalungelo esintu kubona bonke abantu abasezweni.  Ngokusebenza ngaphansi komthethosisekelo wezwe kumele ikhomishane yamalungelo esintu iqikelele ukuqwashiswa komphakathi ngamalungelo esintu eNingizimu Africa.  Kumele yenze iziphakamizo kuhulumeni zokuthi kwenziwe ngcono imigudu esetshenziswayo ukuhlonipha amalunelo esintu.  



Lekhomishane kumele yethule nemibiko ephalamende mayelana nezithinta amalungelo esintu.  Ibhekene nanomsebenzi wokuphenya ngezigameko zokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu. Lekhomishane isebenzisana nohulumeni kanye nabezinhlangano zomphakathi ezizimele. Uma kunesidingo iphinde isebenzisane nabantu ngamunye akukhathaleki ukuthi ungowalapha eNingizimu Africa kumbe ngumuntu wamazwe omhlaba.  Nakuba lekhomisahne igxile ekuvikeleni ukuhlukunyezwa kwamalungelo esintu kodwa ke iphinde ikhuthaze nesiko lokuhlonishwa kwamalungelo esintu.  Phakathi kweminye imisebenzi yalekhomishane ukuxhumana nezikole kuqeqeshwe abafundi ngokubaluleka kokuhlonishwa kwamalungelo esintu.  Ixhumana namaziko athintekayo uma kunodaba olunokucwasa ngokwebala.  Ibamba imikhankaso yokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabokufika ezweni.  Ihlela izingqungquthela zokulwisana nokucwasa ngokwebala.  Iqwashisa ivikele amalungelo abalimi emapulazini.

Lekhomishane inomuntu obizwa ngokhomishane ekunguyena ohlela abeke imigudu elandelwayo, bese kuba khona u mabhalane oqikelela ukwenziwa nokufezeka kwemibandela ebekiwe.  Usihlalo nguyena ongusigqoko.  UJody Kollapen, osebenza njengephini likasihlalo ukusukela ngo 1996, ulokhu aqokwa ngo October 2002.  Lekhomishane inamahovisi amahlanu ezifundazweni ezehlukene ukuqinisekisa ukufinyelela kwayo kubona bonke abantu bakulelizwe.
Izinombolo zokuxhumana nekhomishane yamalungelo esintu

Human Rights Advice Line
0860 120 120

Head office / Gauteng
Tel (011) 484 8300

Eastern Cape
Tel (041) 582 4094 / 2611

Free State
Tel (051) 447 1130

KwaZulu-Natal
Tel (031) 304 7323 / 4 / 5

Limpopo Province
Tel (015) 291 3500 / 04

Western Cape
Tel (021) 426 2277

Sibonga abakwa : www.southafrica.info/ess_info/sa_glance/constitution/sahrc.htm

Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.