|
Iningizimu Africa ayenzikahle ekuhlonipheni abesimame |
PDF
|
| Print |
|
E-mail
|
INingizimu Afica ibonakala yehlulekile ukuvikela abesimame odlameni nokuhlukunyezwa. Kubonakala sengathi kumele yenze ngcono nasekuphakamiseni ezokulingana ngokobulili. Abe Sonke Gender Justice Network bathi iningizimu Africa ichazwe kanjena embikweni wabe United Nations Commission on the Status of Women obuse York.
Lesiphakamiso siveza lelizwe njengelinye kulawo angabavikeli ngendlela
abesimame. Lombiko uthathelwa kwizinga eliphezulu lokuhlukunyezwa
kwabesimame. Izibalo eziphezulu zobugebengu kulelizwe ziveza ukuthi
abesimame nezingane bayaqhubeka nokuhlukumezeka nakulobugebengui.
Kuvela ukuti bayabulawa, badlwengulwe, bahlukunyezwe ngezindlela
ezehlukene. Lombiko owahlanganiswa egameni likamongameli, uveza
nokuthi siphansi isibalo sabagwetshelwa lamacala. Uveza ukuthi
uhulumeni kumele aqinise ukusebenza kwemithetho evikela abesimame
nezingane.
Amazwe ahamba phambili ekuhlonipheni abesimame kube ngelase Norway, Iceland, Australia, Ireland kanye nelase Sweden. Ekuvalwe ngehlahla kuwona ngelas eBurkina Faso, Mali, Sierra Leone kanye nelas eNiger. Lolucwaningo obelwenziwa belubheka nezinga lokungafundi kwabesimame. Elase Norway, Iceland kanye ne lase Australia angu 99% ekufundeni kwabesimame kanye nabesilisa. Izwelase Mali lona linamaphesent angu 11% kuphela kwabesimame abancane abafundile. Lombiko uveza nokuthi e Sierra Leone 24% wabantu besimame bafundile kantikwabesilisa ngu 46%. Abesimame abafunda bagogode ngu 55% kunabesilisa abangu 75%. Kwizwe lase Egypt, Mauritius, Tunisia, Cape Verde kanye nelase Algeria iningizimu Africa ilandela ngemuva . Omunye wabaphathi beSonke uBafana Khumalo uthi iyohlale iyiphupho indaba yokwenziwa kwezinguquko kwezobulili lapha eNingizimu Africa uma abesilisa kuseyibona kuphela abathahwa njengabantu abamqoka. Uthi nabesilisa kumele benziwe ingxenye yalezinguquko. Abezinhlangao ezilwela ukulingana ngokobulili bezwakalisa ukukhathazeka ngalokhu kuba semuva kweningizimu Africa uma iqhathaniswa namanye amazwe.
ULisa Vetten, wabe Tshwaranang Legal Advocacy Centre uthi ukuze kuqedwe udlame olubhekiswe kwabesimame kumele kusungulwe imithetho enqala bese kusetshenziswana nabomnyango wezobulungiswa ukuqinisekisa ukusebenza kwayo.
Sibonga abakwa www.mg.co.za
Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.
|