|
Ukuhlukunyezwa kwamalungelo esintu kwandisa ingculazi |
PDF
|
| Print |
|
E-mail
|
Selokhu latholakala igciwane lengculazi eminyakeni yawo 1980s, leligciwane nesifo se AIDS sekuthathe izimpilo zabantu abangu 22-million lives. Ngonyaka ka 2006, balinganiselwa ku 5 million abantu abangenwe yileligciwane kwathi abangu 3 million bashona. Kodwa ke abe Human Rights Watch (HRW) kanye nezinye izinhlangano ziyakuphika lokhu. Lenhlangano ibala ukuthi amazwe aphumelele ukunqanda ukubhebhetheka kwalesifo yilawo asebenzisa uhlelo olusabalele lokulwisana naso.
Lawa ngamazwe aqinise emikhankasweni yokufundisa imiphakathi ngokubhebhetheka kwe HIV/AIDS, kwaqwashiswa nangamathuba amaningi okuthi abesimame besuleleke uma behlukunyezwa. Lapha kubalwa nezinhlelo zokusatshalaliswa kwamakhondomu, izinaliti ezihlanzekil kanye nokunye okufaka ukuqikelela inhlanzeko.
Ongoti bathi maningi mathuba okubhebhetheka kwengculazi kubantu besimame abahlukunyezwayo, abathengisa ngocansi, abasemajele, abangabokufika emazweni kanye nabahlukunyezwayo. Ngokwabe HRW, ngonyaka ka 2003, cishe ingxeny yamazwe asemazansi ne Africa yashaya imithetho evala ukuhlukunyezwa nokucwaswa kwabantu abaphila negciwane. Lamazwe abona ukuthi angeke kwaphunyelelwa uma kuzohlaselwa abantu abaphila nesifo ngokuthi kuhlukunyezwe amalungelo abo. ”Abona ukuthi indlela yokuphumelela isekuqwashiseni imiphakathi ihlonyiswe ngolwazi oluzoyisiza ekutheni izvikele.
Amazwe aphumelele kulomkhankaso yilawo abesebenzisa izinhlelo ezincike ekufundiseni kuqhakambiswe amalungelo esintu. Izwe lase Uganda lingumzekelo wamazwe angazange aphumelele noba nalo lamane laqhakambisa ukungayi ocansini lashiya eyokuhlonishwa kwamalungelo esintu ngemuva. Nakwelase Thailand kwaba esifanayo njengoba lesifo kwatholakala ukuthi sisabalala nangokushintshana kusetshenziswa izinali ezizodwa kwabezidakamizwa.
Kwelase Zimbabwe kubikwa ukuthi inqwaba yabantu edinga imishanguzo kodwa itholwa idlanzana. Impilo kwabesimame kubikwa ukuthi seyehle yagcina eminyakeni enu 34. imelika okuyizwe elithuthukile libonakala lisebenzisa izinhlelo zokuqwashisa kufundiswe imiphakathi nosekwenze sama isibalo sabatheleleka ngalolubhubhane. ”Lapha eSouthern Africa, nakuba uhulumeni eseyibekile imithethetho eminingi kodwake kubonakala kungakeneli ekuvikeleni abesimame ekuhlukunyezweni. Kwingqugquthela yamazwe adla izambane likapondo abaholi balamazwe bafunga ukuthi bazokwenza okusemandleni ukuqinisekisa ukwehiswa kwesibalo sabangenwa yilesifo ungakafiki unyaka ka 2010.
Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.
|