|
Kubalulekile ukugubha usuku lwamalungelo esintu |
PDF
|
| Print |
|
E-mail
|
Eminyakeni engamashumi amane nesikhombisa edlule ngomhlaka 21 March 1960, amaphoyisa kahulumeni wobandlululo abulala abantu abangamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye 69 kwalimala inqwaba embhikishweni wokuthul ababewubambile bephikisana nokuphathwa kwamapasi kanye nemithetho yobandlululo ezweni. Ukukhunjulwa kwalesibhicongo sase Sharpville kwabesekuduma ngegama elithi Sharpville Day. Lolusuku manje selubizw angele Human Rights Day, usuku lapho iNingizimu Africa bekumele ngabe ibheka kabanzi idingide ezithinta amalungelo esintu.
Lawa ngamalungelo angenakuthathwa muntu kumuntu ngamunye. Lamalungelo esintu abengahlonishwa lapha eNingizimu Africa kwaze kwaba kuqalwa ngemva konyaka ka 1994. Usuku lwamalungelo esintu (21 March) wusuku lapho abantu baseNingizimu Africa begubha khona lokhu kuhlonishwa kwalamalungelo abhalwe nakumthethosisekelo wezwe kwisahluko sesibili. Phela umthethosisekelo wezwe yiwona omkhulu ukwedlula yonke imithetho ekhona ezweni kangangoba nohulumeni uphoqelekile ukuwuhlonipha.
Imitheto ebhalwe kumthethosisekelo wezwe akulula nokuthi iguqulwe, ngakho nohla lwamalungelo esintu Bill of Rights kunzima ukuluguqula. Lokhu kusho ukuthi akekho umuntu ongamane auqule amalungelo akho njengomuntu, kumbe azame ukukwephuca wona. Lamalungelo angawomuntu ngamunye akukhathaleki ukuthi ungowaliphi ibala, ungakanani ubudala kumbe ubulili. Kodwa ke lamalugelo awasho lutho kubantu abangawahloniphi amalungelo abanye abantu. Ngakho kubalulekile ukuthi umuntu nomuntu ahloniphe omunye.
Lolusuku lwamalungelo esintu lugujwa ukukhumbuza abantu ngokuhlukumezeka kwamalunelo esintu okwakukhona kanye nokukhumbula izinqalabutho zomzabalazo ezalwa kwaze kwaphunyelelwa ukuketul uhulumeni wengcindezelo owayengahloniphi amalungelo esintu.
Lendatshana siyethulela ngabakwa Agenda – siphakamisa izwi lokulingana ngokobulili. Ngeminye imininingwane sithintekulenombolo (031) 304 7001/2/3.
|